Be on schedule.Score better.

EN

Funda lesi siqeshana bese uphendula imibuzo elandelayo yolimi: Abasebenzi abaningi bakushayela ihlombe ukusebenzela ekhaya ngesikhathi izwe livalwa ngenxa

Funda lesi siqeshana bese uphendula imibuzo elandelayo yolimi:

Abasebenzi abaningi bakushayela ihlombe ukusebenzela ekhaya ngesikhathi izwe livalwa ngenxa yokhuvethe. Babejatshuliswa ikakhulukazi ukunyuka kukaphethioli ezweni okungeke kusabaphazamisa. 

Babona kungcono uma besebenzela emakhaya ngoba angeke besagcwalisa

izimoto ngophethiloli masonto onke ukuze baye emsebenzini. Abesifazane abanabantwana bona bakushayele ihlombe kakhulu lokhu kusebenzela ekhaya ngoba bathi besemhlanganweni belalele kumakhalekhukhwini noma kukhompuyutha, bebe befaka izingubo emshinini wokuwasha, bebonda uphuthu esitofini, noma bewasha nezitsha. Abesifazane bavuka bageze

ubuso kuphela, bese benza isidlo sasekuseni, bahlanze nendlu ngaphambi kokuqala umsebenzi wabo womqashi. Abesilisa bona bavuka bageze ongazi angathi baya emsebenzini kanti cha, badle isidlo sasekuseni bese behlala kumakhompuyutha benze umsebenzi wabo wosuku.

Babejatshuliswa, masonto, besemhlanganweni, womqashi

1.1 Gagula inguquko yefonoloji eyenzeke emagameni abhalwe ngokugqamile, uveze nokuthi yenzeke kanjani. (20)

1.2 Cozulula amagama alandelayo ngamalunga awo:

a) ihlombe

b) nendlu

c) emshini

Table of Contents

[display_short_calculator]

Latest Reviews

Impressed with the sample above? Wait there is more

Related Questions

New questions

Don't Let Questions or Concerns Hold You Back - Make a Free Inquiry Now!